Le ncwadi Yesekelwe olwazini olunikezwe yizikhungo ezifanele, ngokuqondene ngqo noma ngokusebenzisa amawebhusayidi abo. Abacwaningi bazicabangele ukuthi lonke ulwazi lunikezwe ngenkolelo enhle nokuthi lulungile. Asikwazi ukuba nesibopho ngokulunga kanye nangokuphelela kolwazi olunikezwe kithi.
Uma ufisa ukuthi inhlangano yakho ifakwe ekubuyekezweni kwesikhathini esizayo kwale ncwadi, uyacelwa ukuba uthumele I-emeyili ku: kmosweu@deat.gov.
Imisebenzi yohwebo emincane, ephakathi nendawo kanye nemikhulu ama-SMME ayizinjini zokuthuthuka.
Ifakela okuthile ekwakhiweni kwemisebenzi kanye nomnotho. Ngaloko kusemqoka kakhulu ukuthi ama-SMME ezokuvakasha asekwe ukuze akwazi ukuzimela aphinde ande.
Ukusiza kuloku, Umnyango Wezemvelo Nezokuvakasha ngokusebenzisa Igatsha lawo Lezokuvakasha, uthuthukise iqoqa lezisetshenziswa ezihlose ukusiza abahwebi bezokuvakasha ukuthuthukisa ukuthuthukisa amabhizinisi aqinile nenza inzuzo.
Le ncwadi isemqoka kakhulu uma kubhekwa ukuthi inikeza indawo eyodwa efanele yokufinyelela ulwazi ikakhulukazi kubahwebi bezokuvakasha, ngosizo lwebhizinisi olukhona kubo.
Uma kuqaliswa, le ncwadi izawutholakala nangezinye izilimi ezisemthethweni, okuyisiZulu, isiTswana kanye nesiBhunu. Sizoqhubeka nokuyibuyekeza le ncwadi njalo ngonyaka, bese siyihumushela kwezinye izilimi eziningi.
Anginako ukungabaza ukuthi uzoyithola le ncwadi iyisikhalo esisizayo emizamweni yakho yezebhizinisi, futhi ngikufisela ngokwempela impumelelo ekumiseni ibhizinisi lezokuvakasha elandayo nelinenzuzo.
Nginombono Omuhle kakhulu!
Ngiyitholaphi Imali Yokuqalisa Ibhizinisi Lami?
Imibuzo - Nginako yini okungangenza ngibe Ngumhwebi?
Kumele Ngikhethe Siphi Isakhiwo Sebhizinisi?
Siyakwamukela kulo mhlaba omuhle wezokuvakasha. Sethemba ukuthi uzothola loku kukhishwa kwencwadi kunosizo.
Le ncwadi izokunikeza ulwazi olusizayo ukukusiza kumizamo yakho yokumisa ibhizinisi elihlobene nezokuvakasha. Le ngamela izihloko ezisuka ekubhaleni izinhlelo zebhizinisi ukuya ekufuneni ukuxhaswa ngezimali kanye nasekunikeni imininingwane yokuxhumana esemqoka. Uyacelwa ukuba ukhumbule ukuthi lona ngumqondo jikelele ngakho-ke siphakamisa kakhulu ukuthi ubheke eminye imithombo yolwazi.
Eyodwa yezimpawu zale ncwadi esemqoka, ukuthi inikeza ulwazi kuko konke ukuqalisa okukhona ukukusiza ukumisa ibhizinisi elisha noma ukukhulisa ibhizinisi eselikhona.
Sebenzisa uhlu lokuxhumana ukuthola ukuthi ngubani ozokuba ngcono kakhulu kuwe bese uxhumana nabo ngqo.
Khumbula ukuth eziningi zezikhungo zinikeza izinsizakalo kanye nosizo olwahlukile. Ukuze sikwazi ukulondoloza isikhala kule ncwadi, asyiphindanga imininingwane yabo kodwa sikunikeza ikhasi elifanele ongabheka kulo. Izifundazwe eziningi zinokuqalisiwe kwazo kanye nezincwadi ezikhishiwe ezinhle kakhulu. Xhumana nabo ngqo emininingwaneni yokuxhumana enikezwe Esahlukweni sesi-5.
Ukumisa ibhizinisi lakho akuwona umsebenzi olula futhi kuthatha ukusebenza kanzima kakhulu kanye nokuzinikela. Ezokuvakasha azehlukile nenze kwezinye izimboni ngale ndlela. Sifake imibuzo yokuzijabulisa Esahlukweni sesi-5, ukunikeza umbono wokuthi wazi yini ukuthi unako 'okufunekayo' ukuthi uzingenele ebhizinisini. Kusemqoka kakhulu futhi uthole ulwazi oluningi ngokufanele. Funda ngokusemandleni akho - loku kufaka amaphephandaba, amajenali kanye namawebhusayidi.
Kusemqoka ukuthi ubuke le ncwadi njengokokuqalisa hhayi njengomhlahlandlela obekiwe wokuba nebhizinisi lezokuvakasha elinempumelelo. Sebenzisa izinhlu zokuxhumana ukuthola ulwazi olwengeziwe futhi ungayeki ukuloku ufunda ngebhizinisi lakho kanye nomsebenzi wezokuvakasha.
Business Toolbox. Siphakamisa ukuthi ufinyelele kulezi ukuze uthole ulwazi olubanzi, uma ludingeka.
Sikufisela inhlanhla futhi siyakwamukela kulo mhlaba omuhle wezokuvakasha!
Kuke kwabakhona ukuphikisana ngokuphathelene nencazelo yegama "isihambi" kanye nokuthi yiyiphi ibhizinisi ebhekana nezihambi. Isihambi ngumuntu ovakashayo nohlala ngaphandle endaweni engafani naleyo ayijwayele esikhathini esithile futhi kungenzeka angaba yisikhambi "sasekhaya" - umuntu othile ohlala eNingizimu Afrika kodwa oye wahambela engxenyeni eyehlukile yezwe nomndeni nabangane bakhe ukuzijabulisa ngeholide; isihambi "sebhizinisi" ohamba evela kwelinye ilizwe noma ngaphakathi eNingizimu Afrika ukwenza imisebenzi yebhizinisi noma isihambi "samazwe ngamazwe" esize eNingizimu Afrika sivela kwelinye ilizwe ukuzobheka ukuthi yini esingakunikeza.
Ezokuvakasha eNingizimu Afrika zifaka izigaba zonke ezisebenza ukwenza ulwazi ngempilo lwesihambi ezweni lethu kube ngoluhle nolukhumbulekayo.
Ukupha Izihambi (indawo yokuhlala) kuphathelene nokunikeza indawo yokuhlala, isib. Ukulala kanye nokudla kwasekuseni, indlu yezivakashi, indawo lapho ungaziphekela khona, amahostela entsha, imothela, ihhotela, njll.
I-MICE (Imihlangano, Incentives, Ikhonferensi kanye neZehlakalo) yisigaba inhloso yaso eqavile ukuhlela kanye/noma ukuphatha imihlangano kanye nezinye izehlakalo ezifana nemibukiso futhi ukwazi nokuhlela ukuthi abakhethwa bomhlangano bathole itiye kanye nokudla kwasemini.
Sisonke sizokwakha umkhiqizo wezokuvakasha ongakwazi ukuthengiswa kwamanye amazwe ngemibukiso yamazwe ngamazwe, egqugquzela izivakashi ukuthi zize ukuzobona ukuthi izwe lethu elihle lingabanikezani isib.
Usebe lolwandle oluhle kakhulu, izimpawu zomlando, abantu abanobungane, izindawo zokuthenga kanye nezindawo eziningi nezihehayo eziyingqayizivele yaseNingizimu Afrika.
Ezokuvakasha ziphathelene cishe nenye nenye imisebenzi ezweni ngandlela thize.
Kodwa asebenzisa eyodwa noma eziningi (umuntu ophakathi).
Kanye nendlela ezisebenza ngayo zizonke, ukuletha izihambi ukusuka ezindaweni ezikuzo emhlabeni ukuza eNingizimu Afrika.
Ngakho-ke kusemqoka ukuthi uthole ukuqonda okucacile kokuthi ngubani ozosebenzisa imikhiqizo noma izinsizakalo zakho ekugcineni, odinga ukubhekana naye endleleni yakho yokuthuthukisa ibhizinisi lakho.
Sifake ngezansi umdwebo wokuthi le ndlela ingasebenza kanjani kumnikezeli wezokuhlala, nokuthi ngubani otholani kule nqubo. Uzobona ukuthi abaphakathi bonke bathola izinzuzo eveka kubanikezeli bezokuhlala - ngokwempela, bangabanikezeli bezinsizakalo zokumaketha kumnikazi wendawo yokuhlala.
Khuluma Nenhlangano Yezokuvakasha Yeboifunda sakini ukuze welulekwe ukuthi ungaliqhubekisa kanjani ibhizinisi lakho. Ulwazi olwengeziwe lufakiwe esigabeni Sokumakethe Esahlukweni sesi-4.
Lizokumiswa kanjani isu nokuthi umsebenzisi uzoyithenga kanjani iholide.
Kuye kwabakhona ukwaziswa okuningi esikhathini samanje ngokuphathelene nemboni yezokuvakasha eNingizimu Afrika futhi siyaziqhenya kakhulu ngokwanda kwamanani ezihambi ezivakashela izwe lethu elihle. Izehlakalo ezisemqoka Njengendebe Yomhlaba Yebhola likanobhutshuzwayo ka-2010 nayo ezokuba nomthelela omkhulu embonini yethu, futhi kumele kube namathuba womthengisi okwazi ukuveza imithombo.
Esikhathini esiningi uzokuzwa umuntu othile esho okuthile okugqamisa umbono ekhanda lakho. Kungenzeka uziqhenye ngalo mbono, kodwa into esemqoka ukuthola umuzwa wokuthi lo mbono uzosebenza yini empilweni yangempela, futhi izowuba nomphumela oyibhizinisi elenza inzuzo.
Lesi isigaba lapho isifundo esisheshayo sokungenzeka okumele sikusize ukuba uthathe izinqumo sokuthi uqhubekise lo mqondo ngemininingwane eyengeziwe. "Ukungezeka" kusho nje ukufinyeleleka okungenzeka noma okungenziwa kalula. Ukuthengisela inyanga iqoqa lezokuvakasha lisho okungenzeki (ngalesi sikhathi!!!).
Kulungile, ungalwenza kanjani lolu cwaningo?
Yenza izibalo ezingahleliwe. Okunye ukuthi uma abantu bazimisele kuphela ukukhokha i-R1.00 bekhokhela into ekubize ama-R2.00 ukuyikhiqiza, loku kusho ukuthi lona akuwona umqondo ongenzeka.
Yenza ucwaningo lwemakethe olungahleliwe. Zama ukuthola ukuthi ngobani abakumakethe yakho bese ubabuza ukuthi bangaYeboeke yini ibhizinisi entsha.
Elinye ithuluzi elisebenzayo ukuhlaziya kwe-SWOT . I-SWOT imele Amandla, Ubuthakathaka, Amathuba kanye Nezinsongo, futhi isiza kakhulu enqubweni yokuthatha izinqumo, ikakhulukazi uma uzama ukukhetha phakathi kwemibono embalwa ehlukile.
Uma emva kwako konke loku, ucabanga ukuthi umbono wakho ungomuhle, ngaloko sekuyisikhathi Sohlelo Lwebhizinisi.
Nginombono Omuhle Kakhulu!
Uhlelo Lwebhizinisi lusetshenziselwa ukuthatha imibono yakho yebhizinisi elisha uyibhale phansi, wanda ngemininingwane yakho. Zama ukubhala uhlelo lwakho lebhizinisi ngoba lena yimibono yakho. Kodwa, uma uzwa ukuthi udinga usizo ngalo mbhalo osemqoka, kukhona izinkampani eziningi ezingaphandle esingakusiza. Senze uhlu lwazo ekupheleni kwalesi sigaba.
Uhlelo lwakho lwebhizinisi luqukethe ulwazi olwaziswayo ngokuphathelene nomkhiqizo noma izinsizakalo zakho futhi ayisoze yasebenza kuphela njengombhalo ozokwazi ukuthola ngawo ukuxhaswa ngezimali kodwa ingasetshenziswa njengomhlahlandlela ozowulandela uma usumisa ibhizinisi lakho. Izakucacisa izinto ezifana nokuthi uzosebenzisa hlobo luni lwesakhiwo kubhizinisi, uma uzodinga abasebenzi nokuthi ibhizinisi lakho kumele libe kuyiphi indawo.
Ucwaningo lokungenzeka noma ukuzimela - Uzosebenza kanjani umbono wami?
Ukuhlela Amasu kanye nomhlahlandlela wokubheka - Lizokukhula kanjani ibhizinisi lami kanye nokuthi abantu engizobhekana nabo emakethe yibaphi?
Umhlahlandlela Wokusebenza - Uhlelo lokwenza losuku ngosuku.
lizobonisa abazalisi zimali ukuthi uyazazi zinjhongo kanye nezinhloso zakho kanye nokuthi ibhizinisi lakho ukuzalisa imali okuhle.
Njengo lubekwe lwacaca ngaphansi kwezihloko ezahlukene futhi uma ukuthi halamuzi kumele kukunikeze abaxhasi bezimali kanye nabazalisi zimali ngolwazi olwanele ngesu lebhizinisi yakho.
Proprietor noma Inkampani (Pty) Ltd. Kusemqoka ukukhetha isakhiwo esifanele izinhloso zakho. Incazelo yezakhiwo zamabhizinisi ahlukene zenziwe uhlu Esahlukweni sesi-5.
Olunye ulwazi okumele lufakwe ngaphansi kwalesi sihloko yilolo lokuthi ibhizinisi lisha sha noma lithengwe njengebhizinisi elaselikhona. Kumele ufake futhi izinjongo nezinhloso, umkhiqizo noma izinsizakalo ezinikezwe ikhasimende nokuthi uzibona uncintisana kanjani nezinye izinhlangano ezisebhizinisini elifanayo. Kufanele futhi ufake ubuchwepheshe ozobudinga ukusebenzisa ibhizinisi lakho ngempumelelo, isibonelo: amakhompyutha, izingcingo, ifeksi: imishini njll.
Nokuthi yimaphi amagunya kanye nezibopho ababhekene nawo. Uma kudingeka, dweba uhlu lukuma kwezikhundla(i-organogram) ebonisa ukuthi umuntu ngamunye wenzani nokuthi ubika kubani.
Ukuhlaziya izimboni kanye nezimakethi ulwazi olusemqoka oludingekayo ukuhlola isikhathi esizayo sebhizini lakho.
Ukuhlaziya kwemboni kumele kufake ulwazi jikelele ngemboni yezokuvakasha eNingizimu afrika-Abadlali abasemqoka, inkambiso nezehlakalo kanye nezingxenye ezahlukene zomthetho ezingathelela ibhizinisi lakho. Ukuhlaziywa kwemakethe, ngakwelinye icala, okufaka ulwazi olucacile ngengxenye ethile yemakethe yezokuvakasha ekukhona kutyo ibhizinisi lakho, isibonelo umphatheli wezokuvakasha, indawo yekhonferensi njll.- izimo zemakethe esikhona, ukunikezwa izintengo kwemikhiqizo kanye nezinsizakalo ezinikezwayo, abangaba ngamaklayenti/izivakashi nokuthi uzakuqinisekisa kanjani ukuthi ungakwazi ukuncintisana nabanye.
Uhlelo lwakho lokuthengisa nokumaketha lichaza ukuthi uzoliqhubekisa kanjani ibhizinisi lakho. Isimo sokubeka izintengo(imali engenayo) yomkhiqizo wakho kumele ifakwe lapha kanye namathuba okumaketha azokusiza ukuba ufinyelele emalini engenayo ohlose ukuyithola. Amathuba okumaketha angafaka: Izincwadi ezikhishiwe ezikhonazokukhangisa ngemboni, amapheshana okwazisa, imibukiso noma ukuvakashela ngqo kulabo abangaba ngamakhasimende. Zama ukubeka izinsuku eziyimigomo zaloku ofuna ukukufinyelela. Ngenhlanhla, uhlelo lokumaketha yinto ozoyisebenzisa njalo futhi izokukhula iguquke nebhizinisi lakho. Ngaloko ungesabisi yimizamo yakho yokuqala.
Ukumisa izinhlelo zezezimali kuyethusa, kodwa kuyingxenye esemqoka kakhulu yohlelo lwakho jikelele. Ukuze ibhizinisi lakho libe nempumelelo, udinga ukwazi ukuthi uzothola imali engakanani engenayo nokuthi izindleko zakho zizoba yimalini. Ibhizinisi alikwazi ukuma esikhathini eside esizayo uma izindleko zakho zingaphezu kwemali engenayo. Esikhathini esiningi izitatimende zezimali zifaka amabhajethi okusebenza, izitatimende zokheshi ongenayo kanye namabhalansishiti alinganisiwe iminyaka ewubuncane obuyiminyaka emithathu.
Wonke amabhizinisi kumele alandele imithetho kanye nemiyalo. Eminye yale mithetho kanye nemiyalo iyefana kuzo zonke izinhlobo zamabhizinisi (isibonelo ukuzibhalisela ukukhokha intela e-SARS) bese ezinye kube ngezicacile zohlobo oluthile lwebhizinisi. Isibonelo, umholi wezokuvakasha kudingeka abe nephemithi yokuthutha umphakathi kanye nebhali okumele libe nelayisensi yokuthengisa utshwala. Zama ukuthola kunhlangano efanele yemisebenzi ukuthi yini okudingekayo ukuthi uhambise ibhizinisi lakho ngemfanelo.
Ukuhlaziywa kwe-SWOT kumi njengoba kuchaziwe esigabeni esdlule kodwa manje kumele ibhekwe ngokuphelele (bheka isahluko sesi-5 njengesibonelo).
Noma yimuphi umbhalo owuthintayo emzimbeni wohlelo lwebhizinisi isibonelo: izitatimende zezimali, izingcwaningo zokuthelela imvelo, ama-CV abasebenzi, amabhrosha kanye nezincwadi ezikhishiwe kumele zifakwe ohlelweni lwakho lwebhizinisi.
I-Khula Enterprises, ngokusebenzisa Uhlelo Lokweluleka Le-Thuso, linikeza usizo ekuthuthukiseni izinhlelo zamabhizinisi okumele zethulwe njengengxenye yokufaka isicelo semali mboleko.
Uhlu oluphelele lwezinombolo zokuxhumana, kanye nenqubo yokufaka isicelo sokusizwa kwabakwa-Khula, luyatholakala ekhasini le-19 lale ncwadi.
I-TEP ibonisa, ilungiselele, ilondoloze imisebenzi yokuthengisa esebenzayo yebhizinisi phakathi kwabadlali bezimboni kanye nama-SMME.
Ama-SMME kumele kodwa abonise amandla okukhula nokwakha amathuba emisebenzi ukuze afaneleke ukuthola usizo lwezimali.
Kodwa, siyasiza ukulungiselela inqubo yokuthola imali eqongelelwayo nokulinganisa.
Kuzongibiza malini ukubamba iqhaza?
Ngazi kanjani ukuthi ngifanelekile?
Imishani ye-BRAIN ukunikezela izinsizakalo zolwazi ezisezingeni eliphezulu, nezifakela intengo ephezulu ngokusebenzisa izakhowi zokwethula ezikhona ukuqinisekisa ukwakheka kabusha kuBhizinisi lama-SMME, lapho okuzakube kugcizelelwa amabhizinisi kanye nabantu ngabanye Ababebandlululwa esikhathini esedlule.
Ukuze kulethwe izinsizakalo kuyop yuonke imiphakathi yaseningizimu Afrika, lo hlelo luzixhuma kuzikhungo zokweseka zamabhizinisi asekhona ukuphambanisa izwe. Izisebenzi zesikhungo ziqeqeshwa ngemithombo yolwazi ye-BRAIN bese zinikezwa amandla okwethula izinsizakalo ezengeziwe kumaklayenti emiphakathini yabo.
Iwebhusayidi ye-BRAIN iquketrhe amakhasi angaphezu kwama-300 olwazi olifingqiwe lwebhizinisi. Ulwazi luqhubeka lwandiswa njalo futhi longezwa ngolusha. Lesayidi iheha izihambi ezingaphezu kwama-27000 ngenyanga, abaningio babo bavela kumazwe angaphandle abanezifiso zokwenza ibhizinisi nezinkampani zaseNingizimu Afrika. Le sayidi iyashesha futhi kulula ukungena kuyo noma ukufuna.
Isikhungo sifakelwe amakhonsalthenti olwazi lwezamabhizinisi, akwazi ukufinyelela kumithombo yolwazi eminingi. Lesi sikhungo sithola imibuzo ngocingo, ifeksi, i-emeyili, iposi nezindawo ongaya kuzo. Imibuzo ejwayelekile iphendulwa ngosuku, bese kuthi imibuzo enzima kakhulu iphendulwe esikhathini esiyiviki noma amabili kuye ngohlobo lombuzo kanye nokubakhona kweklayenti ukuze linikezwe impendulo. Yonke imibuzo ifakwa kunqolobane yemininingwane yamaklayenti, bese kwenziwa ukulandela ngokuwashayela ucingo ukuqinisekisa ukuthi iklayente lilutholile ulwazi olufanele.
Imibuzo ingehluka ukusukela kwejwayelekile, isib. 'Ngubani ongangiusiza ngezimali ebhizinisini lami' ukuya kwenzima kakhulu emayelana nezinqubo zokukhipha, izimakethe zamazwe ngamazwe, ukwaphulwa kwemvume, njll?
Isikwama Sentsha soMsobomvu samiswa ngo-2001 nguHulumeni waseNingizimu Afrika ukubhekana nezinselele zokuntuleka kwemisebenzi okuphezulu kwentsha eNingizimu Afrika.
I-Ntsika Yeboeka izikhungo Zezinsizakalo zebhizinisi Lendawo ezingaphezu kweziyi-140 (ama-LBSC). Sebenzisa inombolo engakhokhelwa engezansi ukuthola ukuthi yiyiphi i-LBSC eseduzane nawe.
Emva kokuba usunohlelo lwakho lwebhizinisi, ungalusebenzisa ukuthola ukwesekwa ngezimali ebhizinisini lakho. Qaphela ukuthi noma kukhona izinhlelo ezahlukile ezikhona, zonke zeseka izindawo ezithile zebhizinisi lakho. Qinisekisa ukuthi ufundile waphinde waqonda zonke izici ngaphambi kokuxhumana nabaxhasa ngezimali noma ungamosa isikhathi kanye namandla. Senze uhlu lwezinhlangano ezingakusiza ngokukuxhasa ngezimali, safakela nesici ngokugcwele nokthi yiyiphi ingxenye yebhizinis abayixhaza ngezimali.
Ngiyitholaphi imali yokuqalisa ibhizinisi lami?
Lolu sizo lungezimo eziyizinhlobo ezahlukile zemihahiso, ikakhulukazi ezezimali, ezingakwazi ukufinyelelwa nganmabhiozinisi ezokuvakasha. Zihambisana nezindleko zokwandisa imali eqongelelwayo, ukusiza kwezezimakethe, ukuthuthukiswa nokuqeqesha.
Okwamanje i-dti ibuyekeza inani lalemihahiso ukuze kwandiswe ukufaneleka kwayo kumabhizinisi aphathjelene nezokuvakasha. Lezi zikimu zemihahiso zenziwe uhlu ezahlukweni ezifanele ezahlukile.
Izinhlelo zokuthuithukisa Uhwebo Eziphakathi ezincane (ama-SMEDP) anikeza imihahiso eyizamukeliso eziwukheshi ukusiza uhwebo oluphathelene nezokuvakasha ngaphakathi eningizimu Afrika emva kokuba sezimisiwe, ngokuyibuyisela imali yayo ngezikhathi ezithile. Ukusiza kunikezwa kumabhizinis amasha nalawo asekhona afuna ukwanda.
Isabelo esingakhokhi intela esiwukheshi iminyaka emibili kwesekwa ngezindleko zokuzalisa imali ngamabhilidi, amafenisha, izisesthenziswa kanye nezinqola.
Ungasifaka kanjani isicelo?
Imiphakathi yasemaphandleni esikhathini esiningi iyizindawo ezihlupheka kakhulu ezweni. Loku kuhlanganyela kuqhubekisa ezokuvakasha eziphathelene nemiphakathi yasemaphandleni ekuthuthukiseni, ekuphatheni nasekubeni ngabanikazi bamabhizinisi asekwa yimiphakathi athuthukisa navuselela umnotho wasemaphandleni ngokusebenzisa imithombo yemvelo neyamasiko. Ezokuvakasha ezesekwa ngumphakathi zihlose ukungenisa ulwazi ngezempilo lwamasiko oluyingqayizivele nolukhethekile oluzofaka ukwehluka ekuheheni nasolwazini ngempilo lwemboni.
Iyunithi Yebhizinisi Yezokuvakasha ye-IDC ixhasa ngezimali imali eqongelelweyo enkulu kumabhizinisi ezokuvakasha ngezimo semali mboleko.
Ukufakela komnikazi okungacishe kube ngama- 40% enani selilonke lephrojekthi edingekayo.
Umnyango Wokuthuthukisa Amabhizinisi Amancane wakwa-Eskom unemishani yokumisa Amabhizinisi Amancane, Aphakathi Nendawo kanye Namakhulu (ama-SMMEs) azokwazi ukuthuthukisa Ukunikeza Amandla Ezomnotho Kwabamnyama (i-BEE) bese kukhuphula ukuthengiswa kukagesi ezindaweni i-Eskom enikezela kuzo ugesi.
I-SBD yase-Eskom ayinikezeli izimali kumabhizinisi, kodwa iqinisekisa ingxenye yemalimboleko ezuziwe ngokusebenzisa Isikhwama Sokunikeza Amandla.
Abahlanganyeli Bebhizinisi yinkampani engiwa uhlu yomphakathi elungiselela ukuzalisa imali kanye nezinkinga ezinenani ukufinyelela izidingo ezicacile zamabhizinisi azimele.
ifanekiso sokuhlela sebizinis samahhala, esifinyeleleka ngewebhusayidi Yabahlanganyeli Bebhizinisi ethi www.businesspartners.co.
Abahlanganyeli Bebhizinisi bakholelwa ekutheni ibhizinisi labo langempela ngabantu futhi bazimisele ukuzalisa imali kosomabhizinisi ngencazelo ephelele yale gama..
Wonke amabhangi ekhomesi anikeza imali mboleko kumaklayenti avunyiwe. Xhumana ngqo negatsha lakho noma Iyunithi Yamabhizinisi Amancane eyenziwe uhlu ngezansi.
Khumbula ukuthi awuboshelelwe ukuthi usebenzise ibhangi lakho langemihla, futhi kwesinye isikhathi ungathola usizo olungcono kwelinye ibhangi elizama ukuheha ibhizinisi lakho.
Yini Isikimu Sokuqinisekisa Isikweletu se-Khula?
Ukuthola imisebenzi Yeboikweletu kungabalukhuni kwesinye isikhathi, njengokujwayelekile oxhas ngezimali angafuna impahla efana nendlu ukuqinisekisa imali mboleko. Isikimu Sokuqinisekisa Isikweletu se-Khula samiswa ukunikeza ukufinyelela ezimalini kubantu abafisa ukuqalisa amabhizinisi amancane noma aphakathi nendawo, kodwa babe bengenawo amathuba okuqoqa umnotho noma enye impahla ukuthi bayethule njengokubhanqiweyo (okokuqinisekisa) ebhangi ukuze baqinisekise imali mboleko yebhizinisi. Kulezi zimo amabhangi angakwazi ukufaka izicelo ku-Khula ukuze bathole isiqinisekiso ezizosebenza njengokubhanqiweyo kwama-80% enani selilonke lemali mboleko, (emalini mboleko engama-R1 wezigidi).
Iziqinisekiso sesikweletu sikhopna kuko kokubili imisebenzi yebhizinisi elisha noma ibhizinisi eslelikhona elifisa ukwanda. Izimo ezifanayo nazo zingahambisana nawo womabili amacala. Uyacelwa ukuba uqaphele ukuthi Isikimu Sesiqinisekiso Sesikweletu asikwazi ukusetshenziselwa imisebenzi esongozwayo (isib. Uma usomabhizinisi efuna ukuvula ibhizinisi lesibili bese ebeka umenenja ozolibheka).
Iklayenti liya ehhovisi Lokweluleka Lesifunda le-Khula ukuze lithole usizo mayelana nohlelo Lwebhizinis noma usizo lokwelulekwa.
Umqondisi wesifunda uphakamisa umeluleki emva kokuhlola Uhlelo Lwebhiozinisi noma izicelo sokwelulekwa.
Uyacelwa ukuba uqaphele ukuthi lolu lwazi lunikezwe yi-Khula. Uma ufuna ulwazi olwengeziwe, xhumana nabo ngqo lapha 807 8464.
Igunya kanye nomsebenzi we-RFI ukwenza kusheshe imali mboleko kanye nemali yokuthenga eqongelelweyo kumabhizinisi amancane, aphakathi nendawo kanye namakhulu ngokuwanikeza izinhloboi ezahlukile zemithombo yezimali kanye nolwazi kumphakathi. Imishani ye-Khula ukuqinisekisa ukuba khona okwenziwe ngcono kwemali mboleko nemali ethengayo eqongelelweyo kuma-SMME ngokuwanikeza imalimboleko, izikhwama eziyizitshalo kanye nokuqinisekisa kuma-RFI adinga imali eqongelelweyo kanye nobukhulu.
I-Development Services 336 0047 amabhizinisi ezinyangeni ezingaphezu kweziyi-6 . Akukho imali eqongelelwayo yokusebenza enikezwayo.
Isikhwama Sokunikeza Amandla Sikazwelonke samiswa Umthetho wwe-105 Wesikhwama Sokunikeza Amandla SikaZwelonke ka-1998 ukunikeza amandla ebantwini ababndlululiwe esikhathini esedlule ngemisebenzi yokunikeza nokuzalisa imali.
Isikhwama sizonikeza imali elinganayo kanye nekungathi kuyalingana kuzimali zokunikeza amandla omnotho ngemisebenzi ephathelene Nabantu Ababebandlululwa Esikhathi Esedlule (ama-HDP). Ama-HDP achazwa njengabantu noma izibaya zabantu okwathi ngaphambi kombuso wentando yeningi owaphawulwa ukuqala ukusebenza Komthethosisekelo Womthetho waseRephabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1996(Umthetho weno. Ye-108 ka-1996), babe bebandlululwa ngokunganakekelwa ngenxa yobuhlanga babo.
Ukuzalisa kusuka kuma-R250 000 ukuya ku-R1 Yeboigidi. Inhloso yomkhiqizo ukwenza kusheshe ukwakhiwa kwamabhizinisi amasha angawabamnyama futhi aphetrhwe yibo anamandla okwazi ukuzimela njengamabhizinisi amancane/aphakathi nendawo. Izimali ezizoba ngohlobo lwesikweletu nemali esetshenziswayo, izawusetshenziswa ukuthola izisetshenziswa, ukunikeza izimali zemali eqongelelwayo esebenzayo, imali ephungulwayo, ukutholwa kwamalayisense noma amfrenshayisi kanye nawokulungiswa ukuziphatha, ukuqasha kanye namabhondi asebenzayo. Ifemu efanela lesi sikhwama kumele ibe yi-Nhlangano Evaliwe(i-Close Corporation), Inhlangano, noma i-(Pty) Ltd futhi kumele ama-75% abe futhi aphathwe ngabamnyama.
Ukuzalisa kusuka ku-R1 yezigidi kuye ku-R3 yezigidi. Inhloso yomkhiqizo ukulungiselela ukukhula kanye nokuthuthukisa amabhizinisi abamnyama naphethwe yibo ngokubanikeza imali eqongelelwayo yokubenza bande. Ukuxhaswa kwezimali okuzokuba ngezimo zombili zokuba yisikweletu kanye nemali yokulinganisa, izokusetshenziselwa ukuthola kanye nokwandisa amabhizinisi.
Ezigidi kanye nama-51% angewabamnyama futhi aphethwe yibo.
Ukuzalisa kusuka ku-R1 yezigidi kuye ku-R3 yezigidi. Inhloso yomkhiqizo ukulungiselela ukuguqula ukuba ngabanikazi bamafemu kanye nokugqugquzela ukuba ngabanikazi babaqashwa ngokubanzi. Ukuxhaswa kwezimali okuzokuba ngezimo zombili zokuba yisikweletu kanye nemali yokulinganisa, izokusetshenziselwa ukuthenga abaphumayo, ukuthenga abaphathi abeza ngaphakathi, ukuthenga abaqashwa abeza ngaphakathi kanye nokuba ngabanikazi bamasheya ngabaqashwa. Ifemu elifanelekile ukuthola lesi sikhwama kumele kube yinkampani engenziwanga uhlu enqunyelwe, abaqondisi kumele bazimbandakanye emisebenzini inani lebhizinisi kumele libe ngaphakathi kwama-R10 ezigidi kanye nama-R50 Ezigidi kanye nama-26% emali yokulinganisa okumele iqondiswe kubunikazi babamnyama.
Izifundazwe eziningi zinezazo izikhwama zokuzithuthukisa. Sebenzisa lolu luhlu ukuxhumana nabo ngqo ukuthola ulwazi olwengeziwe.
Ithala yenza ngokuphambanisa ukuthuthukisa kuyo yonke indawo esifundeni saKwaZulu-Natali futhi umsebenzi osemqoka ukuhambisa ukuzalisa kwezokuvakasha esifundeni.
Manje njengoba ngimile ngiqalise Nokusebenza...
Okubi ukuthi amaningi amabhizinisi amasha ayehluleka eminyakeni emithathu yawo yokuqala yokusebenza. Kusemqoka ukusebenzisa lonke usizo olukhona ukuqinisekisa impumelelo yakho.
I-Khula, Ngohlelo Lokweluleka i-Thuso, isiza ngokukhokhelela izinsizakalo zomeluleki onolwazi ngempilo isikhathi esiyizinyanga ezi-3 ukuzukela ngenkathi unikezwa imali mboleko.
Loku kweyeme ekutheni kwenziwe ikontileka phakathi kwe-Thuso kanye Nomeluleki, esho izinhloso zokweluleka kanye nesikhathi esizothathwa ukwethula loko.
Ukuze uthole ulwazi oluphelele nge-Khula kanye nemininingwane yokuxhumana, iya ekhasini le-19.
Emva kokuba usunebhizinisi elimile elisebenzayo uzodinga ukuheha amakhasimende bese uwagcina. Zonke izinkampani zezokuvakasha - ukusuka kuzindlu zokuvakasha ezincane ukuya kumaqembu amahhotela amakhulu ezineminyango yazo yokuzimaketha- ziyazimaketha ngandlela thize.
Konje usho ukuthini ngokuzimaketha Esikhathini esiningi umuntu ucabanga ngokukhabngisa kanye namabhrosha. Lezi izinto ezibonakalayo zokuzimaketha. Kodwa kukhona okungaphezu kokukhangisa kanye namabhrosha, imisebenzi eyizinhlobo eziningi eyakhelwe ukubonisa kanye nokwenza amakhasimende aneliseke. Ukumaketha akuwona umsebenzi owenziwa kanye kuphela ukuxazulula izinkinga. Kuyinqubo futhi kumele kube ingxenye yemisebenzi yakho yebhizinisi yansuku zonke?
Isici sokuqala sibizwa umkhiqizo. Isibonelo loku kungaba ilawu endlini yakho yezivakashi, uhambo, ukudla kwasendaweni yokudlela.
Elandelayo siyibiza intengo okuyileyo abantu abazimisele ukuyikhokhelela umkhiqizo wakho. Ukuthola intengo efanele kusemqoka. Intengo eqondakalayo yileyo ekunikeza inani lemali yekhasimende (i-VFM).
Isici sesithathu indawo okusho ukuthi umkhiqizo kumele ukwazi ukufinyeleleka nokubakhona kumakhasimende ukuze bakwazi ukuwuthenga.
U-'P' wesine wenhlanganisela ukuqhubekisa. Uma usunomkhiqizo ofanele, ngenani elifanele kanye nasendaweni efanele, kumele uyiqhubekise. Kumele wazise amakhasimende akho ukhona unomkhiqizo osulungelwe ukuthengwa. Njengokupheka ngemfanelo, ukumaketha okunempumelelo kuhlanganisa izithako zizonke ngezilinganiso ezifanele. Akusho ukuthi ukuthi kuhlala kuneresipi engaguquki. Ezikhathini ezahlukile inhlanganisela yokumaketha edingekayo izokwehluka. Kuzomele uthathe izinqumo ngomkhiqizo wakho, indawo, intengo kanye nokuqhubekisa.
Okusemqoka okuphambili ekumaketheni ibhizinisi lakho ukuthi ubone izidingo nezimfuno zamakhasimende akho. Kusemqonda ukubonisa ukuthi ngobani abazothenga imikhiqizo noma izinsizakalo zakho.
Amakhasimende akho kungaba...
Ngokuhlola okungaba ngamakhasimende uzokubona ukuthi bangaqoqelwa endaweni eyodwa. Lezi zibizwa izimakethe eziyimigomo. Imakethe yakho engumgomo ngabantu ozama ukubahehela kubhizinisi lakho. Njengebhizinisi elincane kuzomele ubheke ngqo kuzingxenye ezicacile zemakethi, njengoba ungakwazi ukunikezela yonke into kuwo wonke amakhasimende. Siyini isiphakamiso sokuthengisa esiyingqayizivele (i-USP) Zibuze - ukuthi yini okukwenza wehluke koncintisana nabo I-USP itshela ikhasimende okuthile ngomkhiqizo owenza ube ngaphezulu komncintiswano?
Uma usuwazi ukuthi ngobani amakhasimende akho nokuthi bafunani, kumele usebenzise amathuluzi okuqhubekiswa ahlukile ukubazisa ukuthi ibhizinisi lakho likhona. Kukhona amathuluzi ahlukile ukuqhubekisa ibhizinisi lakho. Amanye afanelekile kunamanye. Imfihlo ukukheta lawo mathuluzi azokwazi ukusebenza ngempumelelo enkulu.
Abantu abasoze bawuthenga umkhiqizo wakho beqala nje ukuzwa ngawo. Kumele uzame ukwenza umlayezo wokuqhubekisa ukuthi uthandeke. Eyodwa yezindlela ezijwayelekile ezisetshenziselwa ukuqinisekisa ukuthi ukuqhubekisa kwakho kuyasebenza yi-fomula eyaziwa njenge-AIDA.
Ukuqapha - ukuthola ukunakwa ngabangaba ngamakhasimende - ukusetshenziswa kwemibala, amahlaya, izithombe njalo njalo.
Ukuba nothando - okuqukethwe yisikhangisi kumele kugcine uthando lwekhasimende.
Ukufisa - isikhangisi kumele sakhe ukufisa kumakhasimende ukuthi athenge imikhiqizo yakho.
Ukwenza - Isigaba sokugcine se-AIDA ukubonisa amakhasimende akho ukuthi bangenza kanjani ukuthenga umkhiqizo wakho - ngamanye amazwi, loku ukwenza.
Ukukhangisela ibhizinisi elincane kungabiza kakhulu njengethuluzi lokuqhubekisa.
Kodwa, kungadingeka ukuthi ukhangise ukufika ezingeni elithile ukukhuphula amandla okwazi ukwazi ngebhizinisi lakho. Ukukhangisa kuvela ngezinhlobo eziningi, ezifana nomabionakude, umsakazo, amaphosta, amaphephandaba kanye namaphephabhuku.
Ukuthola ukwaziswa ephephandabeni kungaba yithuluzi eliyigugu kakhulu lokuqhubekisa.
Imisebenzi ye-PR ayibizi kakhulu uthi ithembeke kakhulu ukwedlula ukukhangisa. Leli thuluzi lisebenza ngokufanele ukwakha ukwenziwa komsindo ukukuzungeza futhi yinhle kakhulu ekuqinisekiseni amakhasimende. Kanye futhi nokuthi ayikho into eyenelisa njengokufunda okubhaliwe ephephandabeni lendawo noma likazwelonke ngebhizinisi okungelakho. Mema umsakazo wendawo noma ababhali bezindaba ze-TV ukuzobazisa ngomkhiqizo wakho.
Uma ungenayo imali yokukhiqiza amabhulosha noma izincwajana zokwazisa ngokobungcweti ngaloko ungasebenzisa okokwenza okuthambile okuqukethwe yikhompyutha uzenzele ngokwakho. Kodwa imali oyisebenzisayo kunesizathu sokuthi uyisebenzise kuleli thuluzi lokuxhumana ukukhiqiza ibhulosha elibukeka liwubungcweti. Uma ufanekisa ibhulosha zama ukuyenza ibe yimfushane futhi ibe lula.
incazelo yenkampani yakho incazelo yendawo okuyo izinkombandlela zokuya lapho - uma isikhala sivuma faka ibalazwe imisebenzi ekhona enkampanini noma yiziphi izindebe/izingomela oke waziwina izithombe zemisebenzi/indawo yakho imininingwane yokuxhumana (ikheli le-meyili, izinombolo zocingo kanye nezefeksi, iwebhusayidi kanye nekheli lendawo).
Ukufaka nezintengo kumabhulosha akho kukngenza umkhawuliso wesikhathi sokusebenzisa lawa mabhulosha. Esikhathini esiningi izinkampani zifaka ikhasi elizimele lodwa, ukuze kuthi uma izintengo zishintsha akubi nesidingo sokuphinda uphrinte ibhulosha yonke.
Kumele ucabangisise ukuthi kungani ufuna ukufaka ibhizinisi lakho ocingweni lwekhompyuitha. Ukwakha iwebhusayidi akusoze kwakha ukuthengisa ebizinisi lakho ngokuzenzakalelayo nje; yakha iwebhusayidi uma ngabe uyalidinga ngempela, bese uma kunjalo ungasebenzisi imali eningi kakhulu kuyo. Ngingasho nje ukuthi I-inthanethi yinhle jkabi ekunikezeni ulwazi ngebhizinisi lakho, noma ingekho yinhle kakhulu ekuthengiseni ngqo komkhiqizo wakho. Ngandlela thize lezi izindaba ezimnbandi kumabhizinisi amancane ezokuvakasha. Kushibhe kakhulu ukuzenzela iwebhusayidi elula yebhizinisi lakho.
Kukhona imibukiso yezokuvakasha kanye nezingqungquthela zemisebenzi umhlaba wonke jikelele, ezifana ne-Indaba, i-ITB kanye ne-WTM. Ungakwazi ukuxhumana Nezokuvakasha ZaseNingizimu Afrika ukuze uthole uhlu lwemibukiso eminye. Ukubonisa embukisweni kunikeza ithuba elihle lokubonisa ibhizinisi lakho bese ukhuphula ukuthengisa. Kodwa kumele uthathe isinqumo zokuthi umbukiso wemisebenzi ufanele yini futhi kuyafuneka yini ukuya kuwo noma ukubukisa kuwo.
I-Networking - noma i-'Notworking' okuyindlela ebizwa ngayo kwesinye isikhathi, ubuciko bokuxuba(ukuhlangana) nalabo abangaba ngamakhasimende kanye nabanikezeli edilini elithile. Qinisekisa ukuthi wenza okuthile emphakathini wakho ngokuhambela yonke imicimbi yokuvuma imikhiqizo ephathelene nezokuvakasha, amakilabhu endawo ezamabhizinisi, amaforamu, izinkulumo kanye namakhonferensi ezimboni zokuvakasha. Kumele ucabangisise nangokuya emihlanganweni yezinhlangano zendawo zezokuvakasha. Khumbula ukwenza ukuthi inkampani yakho ifakwe ohlwini lenqolobane yemininingwane Yeboifunda ukuqinisekisa ukuthi uthole izimemo.
Ukuqhubekisa ukuthengisa yimisebenzi Yeboikhathi esincane ehlose ukugqugquzela uthando emkhiqizweni nakubhizinisi lakho. Kungenzeka ukuba uthathe izinqumo sokunikeza ukuphungulelwa noma izipho ezifana nohanbo olungakhokhelwa, ibhodlela lewayini. Ukwehliswa kwezintengo, ukungenela imincintiswano, 'okubili ngentengo yokukodwa' ngenye yezibonelo zemisebenzi yokuqhubekisa ukuthengisa.
Kusemqoka kakhulu ukuthi ukwazi ukuthengisa ibhizinisi lakho. Ezokuvakasha ziyibhizinisi eliphathelene nabantu futhi udinga ukuba yingxenye yebhizinisi lakho ebonakalayo.
Imisebenzi yokumaketha eqondile ifaka ukuthathwa kwezithombe zeposi, ukuthengiswa kocingo kanye/noma uthengisa ungena umuzi ngomuzana. Kuzomele uthole uhlu lwalabo abangaba ngamakhasimende. Ukuthola lolu luhlu lokuposa kungabiza kubhizinisi eqalisayo. Ukumaketha ngqo kufaka futhi namapheshana okwazisa angakwazi ukuhanjiswa ngesandla, ngeposi noma afakwe kumaphephabhuku noma amaphephandaba endawo. Amapheshana okwazisa ayindlela esizayo yokudlulisela umalayezo wakho kulabo abangaba ngamakhasimende.
Yenza ukuthi kube lula ukuthi amakhasimende axhumane nawe.
Amakhadi ebhizinisi awabizi kakhulu ukuwakhiqiza futhi ayithuluzi elishibhile ukulikhiqiza futhi ayithuluzi lokumaketha elisebenzayo ngoba amakhasimende awanikeza nabangane babo, umndeni nalabo abasebenza nabo. Qinisekisa ukuthi uphethe amakhadi ebhizinisi acishe agcwale isandla lapho ukhona ngaso sonke isikhathi ukuze uwanikeze okungenzeka babe ngamakhasimende ikakhulukazi uma ungenele izingqungquthela kanye nezehlakalo zemisebenzi.
I-EMIA iwumhahiso wokusa kwamanye amazwe okhokhela ingxenye yezindleko zokusa kwamanye amazwe kumabhizinisi (isib.: ukuya emibukisweni, ucwaningo lwezimakethe). I-EMIA iphinde futhi ibe nemihahiso yokubutha ukuzalisa okusha kwamazwe angaphandle eNingizimu Afrika.
Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe uyacelwa ukuba ushayele isikhungo sokunakekela amakhasimende se-dti lapha 0861 843 384 noma uvakashele iwebhusayidi ethi www.thedti.gov.za.
I-THETA, Iziphathimandla Zezokuvakasha, Ukuphatheka kahle kanye Nemidlalo yemfundo Nokuqeqeshwa Iyisigabas Seziphathimandla Zemfundo Nokuqeqeshwa (i-SETA) emiswe ngaphansi Komthetho Wokuthuthukisa Amakhono(Weno.- 97 ka-1998) wesigaba Sokuphathwa Kahle Nomnotho Wemidlalo kanye Nokuphathwa kahle.
Umsebenzi osemqoka we-SETA ukunikezela ekukhushulweni kwamakhono - ukuletha amakhono kubaqashwa, noma labo abafuna ukuqashwa, esigabeni sabo. Ama-SETA enza loku ngokuqinisekisa ukuthi abantu bafunda amakhono adingwa ngabaqashi kanye nomphakathi.
Inhloso Yohlelo Lokuthuthukisa Abanikezeli Bamabhizinisi Abamnyama i-BBSDP ukuqhubekisa ukukhula kwamabhizinisi abamnyama ngokusiza ukwakha ukuxhumana kwamabhizinisi phakathi kwama-SMME abamnyama, izinhlangano kanye nesigaba somphakathi.
Ukuxhuman kusemqoka ikakhulukazi kuma-SMME ukuze ancintisane ekutholeni amathenda kuzinhlangano kanye nezinkampani zomphakathi ezingazinye. I-BBSDP izakunikeza okungaba ngamabhizinisi abamnyama isabelo sokuhlukaniselana izindleko ukuze zikwazi ukuthola ukuqeqeshwa nokwelulekwa ukubhekana nesikhala samakhono ababhekene naso. I-BBSDP izawusiza ekunikezeni imali yokuphatha izinhlelo zokuqeqesha, ukulungiswa kwezinhlelo zokuphatha, amakhono acacile ebhizinisi kanye nokuthuthukiswa kwezinhlelo zokumaketha kanye nokokwenza.
Ukunikezwa kwezimali zokukhulisa ibhizinisi noma ukwandisa indawo yakho kungatholakala ngaphansi kolwazi olunikeziwe ngaphansi kwesihloko esithi, "Ngiyitholaphi imali yokuqalisa ibhizinisi lami" (Isahluko sesi-3) kule ncwadi?
I-BBSDP izawunikeza isabelo sokuhlukaniselana izindleko esingama-80 - 20, okusho ukuthi i-BBSDP izawukhokhela ama-80% ezindleko zebhizinisi zokuqeqesha bese ibhizinisi likhipha ama-20% ezindleko.
Isabelo esiphezulu kakhulu esikhishwa yi-BBSDP ngama-R100 000. Ibhizinisi lingafaka isicelo sokwenza amaphrojekthi amaningi uma nje izabelo ezinikezwayo uma sezihlangene zingafinyeleli ngaphezu kwama-R100 000.
Nanoma yimuphi umsebenzi osunikezwe imali ngesinye isikimu sikahulumeni noma isikhungo esiyingxenye kahulumeni noma othola noma yikuphi ukwesekwa ngezimali kunoma yimuphi omunye umuntu ngaphandlke kwebhizinisi.
Ifomu lokufaka isicelo kuNobhala weKomidi Eliphethe le-BBSDP.
I-ASATA igcizelela uhwebo olukhululekile elingenako ukweqiwa kwemithetho nemiyalo. Ngokufanelekile simise Umthethosisekelo Nekhodi Yezimilo elinganisela ngokwayo izimboni zethu bese inikeza umthengi ukuvikeleka nokukhululeka engqondweni.
Inhlangano Ehlanganisiwe Yokuphatha kahle yaseNingizimu Afrika (i-FEDHASA) iyinhlangano engenzi inzuzo futhi iye yamela imboni yezokuphatha kahle iminyaka engama-53 edlule endaweni, ezifundeni kanye nasezingeni likaHulumeni. I-FEDHASA okwamanje inobuciko bokuba yikhonsalithenti yomthetho ngokuqhubekayo icwaninga imithetho ephakanyiswayo nemisha iphinde yeluleke amalungu ukuthelela kwayo. Amalunga e-FEDHASA izindlu zemisebenzi yokuhlala kanye nezindawo zokudla.
Ukusebenza Ngemfanelo Kwezokuvakasha eNingizimu Afrika (i-FTTSA) yiphrojekthi ezimele ye-IUCN (Inyunyana Yokulondoloza Yomhlaba) yaseNingizimu Afrika efuna ukulungiselela ukufinyelela kuzimakethe zokuvakasha zamabhizinisi ezokuvakasha akhiwe aba sesimweni esibi. Amabhizinisi afanelekayo azokwazi ukusebenzisa uphawu lokuthengisa le-FTTSA njengethuluzi lokumaketha. I-FTTSA izakwazi ukukhumbula nokuhahisa ukwenza ngemfanelo ukuqondiswa kwezokuvakasha, ibe ngokuhambisanayo ixhumanisa amabhizinisi ahlumayo kanye/noma ayisilinganiso esincane Ekusebenzeni Ngemfanelo okubhekene nezimakethi zabathengi kanye namabhizinisi angaphansi (isib. Abahloli bohambo).
Inhlangano Yezokuhlala Kazwelonke yaseNingizimu Afrika iyinhlangano kazwelonke, eletha ngokuhlanganisa zonke izinhlangano zezokuhlala zendawo nezesifunda, ibhekela izindlu zomsebenzi ezincane. Amalungu e-NAA-SA aqinisekisa laboabafuna indawo yokuhlala kuzindlu zemisebenzi ezincane ukuthi bangalindela izinsizakalo ezisezingeni eliphezulu kanye nenani lemali yabo- kanye nokuphindiselwa imali uma kungenjalo.
Inhlangano Yase-Afrika eseNingizimu Yezimboni Zekhonferensi (i-SAACI) yamiswa ngo-1987. Le nhlangano izinikele ekugcineni nasekulungiseni amazinga okwazi ukwenza ngemfanelo kanye nobungcweti ezimbonini zamakhonferensi zase-Afrika eseNingizimu.
Sinikeza ulwazi kubafundi, othisha, izitshudeni, izikhugo zemfundo kanye nezimboni.
Ezokuvakasha ZaseNingizimu Afrika (i-SAT) yinhlangano esemthethweni yokumaketha yanmazwe ngamazwe njengendawo yokugcina Yeboihambi. Ezokuvakasha ZaseNingizimu Afrika zibamba iqhaza kumibukiso yokuvakasha, zethula izifundo ezifundisayo kumalungu omsebenzi wokuhamba, zikhiqiza okokwenza kokuqhubekisa okuningi ziqalisa ziphinde ziqondise imibono yokumaketha ukwakha isimo sokumaketha esiphosithivi sokumaketha ngempumelelo imikhiqizo eminingi yezokuvakasha yaseNingizimu Afrika.
Inhlangano Yezinsizakalo Zokuvakasha Zase-Afrika ese-Ningizimu (i-SATSA) iyinhlangano eyilunga elingenzi nzuzo, elimele abadlali abasemqoka kanye nezimiso ezifaka ezomoya, abasebenzisi bamakhoshi, abahloli bezokuhamba, izindlu zemisebenzi yokuhlala, izinkamapni zokuqasha izimoto, abakudonsayo, abahleli bamakhonferensi kanye nezinhlangano ezimaketha okuhlobene naloku.
I-SATSA izimisele ukubeka amazinga embonini yezokuvakasha ukuze labo abangamalunga e-SATSA babonise ukuthembeka, ukungaguquki kanye nobuqotho kanye nokunikeza ukuphumula komqondo kulabo abafuna ukwenza ibhizinisi nezinkampani ezivunyiwe njengamalunga azothwala uphawu (i-logo) ye-SATSA.
Ibandla Lokuhlela laseNingizimu Afrika lamiswa nguNgqongqoshe Wezemvelokanye Nezokuvakasha ngo-Septemba ka-2000 ehlanganyele namalungu ezimboni zezokuvakasha. Inhloso Yebandla Lokuhlela ukwakha uhlelo lokuhlela oluyinkanyezi/oluphuma phambili elizoholela ekulungisweni jikelele kanye nasekugcineni amazinga, izinsizakalo kanye nokuhle ukuphambannisa zonke izindawozezimboni zokuvakasha. Isikimu Sokuhlela Esiyinkanyezi Sikazwelonke sinikeza izivakashi ukwethemba ukuthi bazothola imikhiqizo emihle esezingeni kanye nezinsizakalo ezivela endlini yomsebenzi ehlelwe ngokwenkanyezi.
Iziphathimandla Zezokuvakasha, Ukuphatha kahle kanye Nemfundo Yezemidlalo Nokuqeqeshwa (i-THETA) Iyisigaba Seziphathimandla Zemfundo Nokuqeqesha (i-SETA) emiswe ngaphansi Komthetho Wokuthuthukisa Amakhono (Weno.-97 ka-1998) Wesigaba Sezokuvakasha Ukuphatha kahle kanye Nezomnotho Wezemidlalo.
Isikhungo Samashezi Esikhathi sase-Afrika eseNingizimu (i-TISA) Iyinhlangano Yezemisebenzi eseKapa emele amashezi esikhathi kanye nezimboni zokuthuthukisa izindawo zamaholide ezise-Afrika eseNingizimu. Kuyimishana ye-TISA ukwakha nokuqhubekisa ukukhula kwezimboni e-Afrika eseNingizimu kanye nokusiza kokubili umphakathi kanye namalunga awo ngemfundo, ukulamula, ukwaziswa komphakathi, ukuxhumana, ulwazi lwezomthetho kanye nokuphoqelela Ikhodi Yokuziphatha. Ama-SMME angafuna usizo ngaphakathi kwezifunda zawo ngokusebenzisa Umnyango Wezomnotho kanye Nezokuvakasha noma iziphathimandla zesifunda zezokuvakasha.
Amabhizinisi axhunywe ngokusebenzayo kwezinye izinsizakalo zokweseka kanye nezakhiwo ezikhona esifundeni sonke.
Butterworth 491 4151 491 0443 www.ecdc.co.
Inhlangano Yezimali www.ithala.co.
Mpumalanga 752 2300 752 3496 silulu@icon.co.
Hlobo luni lwebhizinisi engifuna ukuyiqala?
Ngobani abazoba ngamakhasimende ami?
Ngobani ozobe ubanikeza izinsizakalo - izihambi zendawo / zamazwe ngamazwe, abantu bezamabhizinisi?
Lizawuba kuphi ibhizinisi lami?
Izokuba kuphi ibhizinisi yakho E-Soweto, Khayamandi bese uyasho ukuthi kungani lendawo kuyiyo enhle. Umabo oncintisana nabo kule ndawo yakho Yimalini izindleko zerenti/ ukuthenga le ndawo Uzoyithenga kuphi impahla yakho yokuthengisa?
Yimuphi umkhiqizo noma izinsizakalo engizozinikeza?
Uzawube unikeza indawo yokuhlala nokudla noma ukuthutha nokuhola uhambo?
Ibhizinisi lami lizoudinga ziphi izisetshenziswa, izithuthi noma impahla yokuthengisa?
Udingani ukuze usebenze Ibhasi elincane, imibhede, okokundlala, amakhompyutha, izingcingo, njll. Kuzobiza malini loku?
Ngizoyithenga kuphi impahla yokuthengisa?
Egoli - ngihlala e-Soweto ngaloko leli yidolobha eliseduzane ukuthola yonke impahla yami yokuthengisa ngentengo engcono njll. Zizobiza malini zonke izinto zempahla yokuthengisa?
Umbhede (indawo yokuhlala) R100.00 R50.00 R50.
Ukudla kwasekuseni R50.00 R35.00 R15.
Ukudla kwantambama R70.00 R40.00 R30.
Ishadi elingenhla lizokuvumela ukuba ubonele phambili ukuthi okungakanani okumele ukuthengise ukuze ufinyelele izindleko zakho bese wenza inzuzo.
Namakamelo amabili angasebenzi. UThandi ucabanga ukuthi ukuvula indawo Yokulala Nokudla kuzwuba ngumbono omuhle ngoba unesikhala angasisebenzisa. Uke wasebenzela ihhotela e-sandton iminyaka eminingi njengogcina indlu ngaloko unolwazi oluthile.
Uyacelwa ukuba ukhumbule ukuthi isabelo se-SMEDP asikho njengemali eqongelelwayo yokuqalisa noma njengemali mboleko; umuntu udinga ukuzama ukuthola imali mboleko noma ukuxhaswa ngezimali ngaphambi kokufaka isicelo sesabelo se-SMEDP. Udinga ukufaka isicelo ngenkathi umatasatasa umisa ibhizinisi lakho.
Njengoba ibhidi yebhola likanobhutshuzwayo ka-2010 iza eNingizimu Afrika, uMnu Cooper ubone umhlaba lapho afuna ukwakha khona indlu yezivakashi enamakamelo ayi-10. Uzwe kungekudala nge- SMEDP ye-DTI, nokuthi ixhasa inani elithize kumabhizinisi amasha kanye nakhulayo.
Uma ngabe umhloli enelisekile, isicelo sizawuvunyelwa futhi uMnu Cooper uzawufaneleka ukuthola ukuxhaswa iminyaka emithathu kwesekwa ngenani elithile lephesenti yenani selilonke lokulondoloza empahleni efanelekile Qaphela!
Ukufaneleka kulolu kuxhaswa njengephrojekthi entsha, kumele ube sezingeni lokuqalisa noma ususebenze izinyanga esiyisithupha noma ngaphansi. Uma ngabe ususebenzi izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha, uzokufaneleka kuphela usizo lokwandisa.
Umnu wakwazi ukuthola imali mboleko Ebhangi lase-ABSA wase ekwazi ukumisa indlu yakhe yezivakashi enamakamelo ayi-10. Eminyakeni emibili wabona ukuthi yincane kakhulu ukungahlalisa iqembu elilodwa lebhola. Ngaloko wathatha isinqumo sokuthi kungakuhle ukwanda. Imsiza kanjani i-SMEDP?
UMnu Cooper angathanda ukuthenga ifenisha yamakamelo ayisithupha engeziwe welulekwa ukuthi axhumane ne-SMEDP ukucela usizo lokuthenga izisetshenziswa. Bangamsiza kanjani?
Uma usesimweni sokuzikhulisa, awukwazi ukwandisa kuqala bese ufaka isicelo emuva.
Iziphathimandla Zezindawo Zamakhaya.
Imibuzo - Nginako yini okungangenza ngibe Ngumhwebi?
Nginako yini okungangenza ngibe ngusomabhizinisi?
Phendula imibuzo elandelayo ukubona ukuthi unazo yini izimpawu ezifanele zokuqalisa ibhizinisi, nokuthi uligcine lihamba ngempumelelo. Esimweni ngasinye, yenza indingiliza ohlamvini oluqondene nokhetho lwakho, bese ubheka ithebhula lemiklomelo kanye nokuhlaziywa ekupheleni kwephepha le mibuzo. Imibuzo yesekwe phezu kokucatshwangayo kokuthi usemsebenzini futhi uninga ngokuqalisa elakho ibhizinisi! Uma ngabe usuebhizinisini lakho, phendula kube sengathi usesemsebenzini wakho wokugcina.
Kungabe umndeni wakho uma nawe kuyo yonke into oyenzayo?
Unako yini ukuziphoqelela ngokwakho ukwenza umsebenzi ongemnadi kunokuthi wenze okunye okuthile?
Usebenza ngendlela ehlelekile nelandelana ngemfanelo?
Kukwenza uphelelwe yithemba uma uhluleka ukuthenga izinto ozifunayo?
Ungathola okuthile okudingayo emsebenzini wakho wamanje ngaphansi kwemizuzu emithathu?
Ujabulela yini emsebenzini wakho wamanje?
Usebenza kangcono uma unomuntu okuphethe noma okuqondisayo?
Kulesi simo sakho samanje emsebenzini, umisa ikhanda uqhubeke nezinto noma uphakamisa izinguquko eqanjwe kabusha emazingeni ahlukile?
Kutheleleka kanjani okufinyelelela ngosuku yizinto ezidinayo ezifana nomsindo ehhovisi, izimo zokusebenza eziminyene kanye nendawo yobukhelwane ephansi?
A Ukhokhelwa kahle?
B Ukhokhelwa inani eliphakathi?
C Ukhokhelwa imali ephansi?
Uyafuna ukuba nelakho ibhizinisi?
A Yebo, Yebo, Yebo!
Uziphatha ngemfanelo ezezimali zakho?
Uyakwazi ukufinyelela kokuthile ezindaweni ezingaphathelene nomsebenzi (isib. Ukuphikisana ngezemidlalo, imisebenzi eqalwayo yomphakathi)?
Uwathatha ngokuqinisa okukhulu kangakanani amaphutha akho emsebenzini (noma ngabe iphutha lakho liyingxenye)?
Uyayihlela impilo yakho (kokubili komsebenzi nokobuntu)?
Unemali ongayisebenzisa njengesizathu sakho esikhulu sokucabanga ukuvula eyakho ibhizinisi?
Unguquguquka kanjani empilweni yomsebenzi, okusho ukuthi uma izinto ziba lukhuni uyazijwayeza uqede umsebenzi?
Uzizwa ungakwazi ukwakha odalelwe kona?
Uyathanda yini ukwenza okungabanga ingozi noma ukugembula okubalekayo?
C Uma ngabe okuyinqaba kungakwelani icala ugcina ikhanda lakho lingekho esikhathini esisengozini?
Uma imisebenzi emihle yayiminingi ubusazofuna elakho ibhizinisi?
Manje bheka amaphuzu alandelayo bese wenza indingilizi ohlamvini oluphawulile ephepheni lemibuzo.
Ngaphezu kwama-72: Ufanelekile emsebenzini wokuhambisa ibhizinisi futhi kungenzeka ukuthi ususebhizinisini lakho(noma uhlela ukungena ngokuyiqiniso). Kodwa, ungayeki ukunaka umsebenzi wamaphepha emfuthweni onawo.
Ama-62 ukuya kuma- 71: Ukuziqasha ukhetho oluhle kuwe, ngalo qhubekela phambili. Impahla yakho enkulu ukuthi umfutho wakho ulwisana nokuzicabangela okujwayelekile.
Ama-52 ukuya kuma-61: Usesimweni sokuba phakathi nendawo. Unako konke okudingekayo ukuhambisa ibhizinisi, kodwa kwesinye isikhathi kukubuyisela emuva. Ukungaba kuhle ukuba welulekwe ukuba ucabangisisie ngaphambi kokungena kubhizinisi ngokwakho. Kodwa uma uthatha isinqumo sokwenza njalo, unamakhono okwenza adingekayo. Wehliselwa phansi yizinto eziningi obhekene nazo?
Ama-42 ukuya kuma- 51: Cabangisisa ngaphambi kokuba uyeke umsebenzi wakho olondekile. Uma ungajabule esikhundleni okuso manje, cabanga ngokushintsha umsebenzi wakho uye lapho uzothola okuzokujabulisa ukuthi usebenze. Cabanga ngokubheka endaweni ekuzungezile ukuthi uzame ukuthola umsebenzi wesikhashana okukhokhelayo bese ucala okuthile okuncane eceleni. Noma uzalise imali yakho ebhizinisini lomunye kodwa uthi lihlolwe kuqala(kanye nabanikazi balo) ngaphambi kokufaka imali yakho.
Ngaphansi kwama-42: Uke wehlelwa okubi ebhizinisini eledlule futhi usalimele/usakuzukile, noma impilo yosomabhizinisi akuyona eyakho. Mhlawumbe kumele ucele umphathi wakho ukuthi akuphuphulelel ihholo.
Kumele Ngikhethe Siphi Isakhiwo Sebhizinisi?
Kukhona izinhlobo ezimbalwa zesimo somthetho zebhizinisi, ngamanye amazwi, ukuthi ibhizinisi lakho lizobhekwa kanjani ngokulandela umthetho. Okunye nokunye kwaloku kunobuhle nobubi bako, hhayi kuphela ngokuphathelene nobunikazi kodwa futhi nangendlela ezikhokhiswa ngayo intela.
Loku kwaziwa njengokuba ngumnini uwedwa noma ukuba ngumsebenzi ongayedwana. Loku kusho ukuthi yonke into ekubhizinisi ngeyakho kanti nomthetho awuboni umehluko phakathi kwakho ezikhundleni sakho sobuntu kanye nebhizinisi. Ibhizinisi lingaba negama elehlukile kunelakho isib. James Peterson osebenza njengo-Mountain Tours. Akumelanga ulibhalise leli bhizinisi, futhi Ihhovisi Lentela lizobona wena kanye nebhizinisi lakho njengobunye obubodwa. Loku kuhle ngoba azikho izinqubo zokurejista, futhi akukho zinkokhelo ezengeziwe. Loku akusho ke ukuthi uzokuba nesiobopho njengoyedwana kuzo zonke izikweletu zebhizinisi, nokuthi awusoze waletha abazalisi zimali kanye nabahlanganyeli ebhizinisini. Uma ufa noma uthatha umhlalaphansi, ibhizinisi lizoyeka ukusebenza.
Ukuhlanganyela kufana nobunikazi bongayedwana, ngaphandle kokuthi kukhona abantu abangaphezu koyedwa abazimbandakanyayo. Ukuhlanganyela nanko akukhokhiswa intela njengebhizinisi eliwubunye, kodwa umninkazi ngamunye ukhokhiswa intela ngokwakhe ngemali engenayo efakwa ngamashezi akhe ebhizinisi, njengengxenye yembuyiso yentela yakhe yobuntu. Kusemqoka ukwenza izivumelwano esisemthethweni sokuhlanganyela, ukuvikela izingxabanio ezingabakhona esikhathini esizayo phakathi kwabahlanganyeli, kodwa ngaphandle kwaloko, azikho izinqubo zokubhalisa noma izinkokhelo ezengeziwe. Kanti futhi loku akusho ukuthi nizawuhlukaniselana ngokulingana kuzibopho zanoma yiziphi izikweletu ezibangwa yibhizinisi.
Inhlangano Evalekile noma i-CC njengoba ijwayelwe ukubizwa, inesakhiwo esilula kakhulu eskhaelwe osomabhizinisi abancane. Umehluko osemqoka kakhulu phakathi kwalezi zinhlobo ezimbili zokuqala ukuthi i-CC iyibhizinisi lomthetho ngamalungelo alo - loku kusho ukuthi i-CC ingabekwa icala kodwa hhayi abanikazi njengabannezikhundla zobuntu. Ngale ndlela, awukho engozini(uma kuqhathaniswa nobunikazi boyedwa) ngesikhundla sakho sobuntu uma izinto zingakhambi ngemfanelo ebhizinisini.
Inhlanago evalekile idinga ukurejistwa kanti ezikhathini eziningi, i-CC ikhokhiswa intela njengenkampani. Amafomu okurejista (ama-CK1 kanye nama-CK7) aaytholakala ezitolo ezithengisa izinto zokubhala, noma ezinkampanini eziningi zezibalo zama-akhawunti kanye nezonobhala ezinikeza izinsizakalo zokukurejistela i-CC.
Izinkampani Zangasese imiswe ngaphansi Komthetho Wezinkampani futhi ngaleso sikhathi futhi kumele zilandele izidingo zokuphatha ezongeziwe, kanye nezinqubo zezibalo zezimali eziqinisiwe. Inkampani inewayo umuntu womthetho, kanye namalungelo akhe nemisebenzi yakhe, eyehlukile kuleyo yamalungu eqembu lakhe. Loku kusho ukuthi ababelwi mashezi abanagunya okungelabo lezikweletu zenkampani.
Ngakwelinye icala, sebenzisa umeluleki wakho webhizinis ukuthi akusize.
